Nzama

Izithakazelo zakwa-Nzama

Wosiyane,
Gcugcwa,
Mashiza, Dingila,
Mkhandi wensimbi,
Nina enidume ngokugcagca insimbi amanye amakhosi edume ngesithembu,
Wena owawela ngelibanzi kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina bakwamfazi kashaywa ngemvubu kodwa ushaywa ngombhombolo wesidwaba,
Zukula kaNombhoco,
Gcugcwa kaNcameni,
Ncameni kaNozaca,
Nina baseNtendeni!

8 comments

comments user
Zamar

Basho…………….

comments user
Unknown

Kwath angigiye madoda yith labo

comments user
Unknown

Chamane, Dingila, Nyanisa, Ngipha, phana abantu bakulingene abangakanani bangangentende yesandla, Chube, Mashiza, Zukula kaNombhoxo kaGgcugcwa umkhand'wensimbi omkhulu owadl'inkomo zeLembe elingasigcinanga isivumelwano senkokhelo yezikhali iqhawe elabhek' ilembe emehlweni lathi úbona mina nje bayoze bakubon'abanamehlo, kaNcameni, kaNozaca, kaNzama, kaWosiyane umkhandi wensimbi

comments user
Unknown

Chamane, Dingila, Nyanisa, Ngipha, phana abantu bakilngene abngakanani bangangentende yesandla, Chube, Mashiza, Zukula kaNombhoxo kaGgcugcwa umkhand'wensimbi omhkulu owadlinkomo zeLembe elingasigcinanga isivumelwano senkokhelo yezikhali iqhawe elabjeke ilembe emehlweni lathi úbona mina je bayoze bakubon'abanamehlo, kaNcameni, kaNozaca, kaNzama, kaWosiyane umkhandi wensimbi

comments user
Blake

NgowakwaNzama but umlando owubhalile akusiwona

comments user
Unknown

Kwath' angigiye…

comments user
Unknown

Mkhandi wensimbi.

comments user
Unknown

Lililililililiiii kwathangigiye ngiyele amazukula

Leave a Reply to ZamarCancel reply