Umlando wakwa Mvelase 😍 imvelaphi yakwa Mthembu

Umlando wakwa Mvelase 😍 imvelaphi yakwa Mthembu

Isizwe sabaThembu sidatshulwa uMangqoyima owayeganwe isithembu esadala izindlu ezimbili ezagqama kakhulu emlandweni. Indlu enkulu AbakwaMthembu kuthi encane abakwaMvelase kodwa lezizindlu kazibulahlanga ubuhlobo njengoba izithakazelo zabo zinye futhi kabaganiselani nhlobo.

AbasebaThenjini bangamaNtungwa nguni babakhelene namaChunu noMabaso. UMANGQOYIMA nguyena ongumsuka waseBathenjini owahola abantu bakhe baze bayovinjwa ulwandle bazinza eNseleni besuka enhla koNtalasifani. Phela amaNtungwa – Nguni kuseyinzalo kaMatalatala ( Dlamini 1 ) noma nje bazehlukanisa ngokwezigaba abeNguni kodwa bayindlu eyodwa kaMumbo kaNguni waseBantwini maphakathi nezwekazi.

UMANGQOYIMA wakhe umuzi okwathiwa kuseNhlangwini khona eNseleni. Kulapho kwakhulelala khona uGeze obeyinkosana yakwaMthembu endlini enkulu. Kuleyodawo kulapho abaThembu bahlaselwa uDingiswayo wakwaMthethwa babebuswa uJama kaMnisi, ekukhothameni kuka Jama kaMnisi ubukhosi babaThembu bashabalala babusa njengezinduna zika Dingiswayo. Base beholwa uNdima kaMnisi omunye umfowabo Jama.

Ukwelamana kwaba Thembu;

UMangqiyima uzale
UGeze owazala
ULushozi owazala
UNdaba noMlenze

UNdaba wazala
UMnisiwemvula owazala
UJama noNdima

UNdima wazala
UVico,uSondaba kanye noMangcikivana

USondaba wazala
USiyembeyembe

UJama kaMnisi wazala
UMahawana noSojabha

UMahawana wazala
UMmangaliso owazala
ULOKOTHWAYO

USojabha wazala
UMashobane owazala
UFunwayo

UMlenze kaLushozi wazala
UBhacile owazala
USikhala owazala
USomopho owazala
UMsiyana.

Indlu encane abakwaMvelase:

uMangqiyima wazala
uNyandeni owazala
uMvelase owazala
uGazi owazala
UMkhubukeli owazala
UNgoza owazala uMnhlakomuzi noNodada

UNodada wazala
UMganu owazala
UMabizela noNgqamuzana

UMabizela wazala
UKufakwezwe noZisulu

KwaMvelase kwaduma kakhulu uNgoza kaMkhubukeli owalwa noShaka kodwa wehlulwa wase ebalekela eKoloni nabantu bakhe.

Kubese kuba nezindlu eziyisende likaNgoza eKoloni okuvalwa kuzo nazi;
Mathanzima
Dalindyebo
Mandela
Nezinye ezingingi.

Izithakazelo zako Mvelase:

Mvelase
Qhudeni
Mvelase kaGuqa
Owavela enyandeni yemikhonto yakwaMabaso
Mnisi wemvula ilanga libalele
Nina basemlamankunzi
Nina eningawadli amathibani nawadla kobe iwile.
Ngoza kaMkhubukeli.

Izithakazelo zako Mthembu:

Mthembu
Mvelase
Qhudeni Mvelase
Ndaba
Jama kaMnisi
Mthembu waseGubase
Wena owavela enyandeni!
Nina eningawadli amathibani
Nina basemlamankunzi
Ngoza kaMkhubukeli kaGazi

10 comments

comments user
Mnisi Mthembu

Amen Kade ngifunda ngomlando owubhalile ngo Mthembu from 2019 ngike ngagula kakhulu kodwa ngihayiza wathi lomuntu ungu Mthembu as igama. Kuningi angitshele khona ngo mlando wase Bathenjini komalume wathi asihlangani no Mvelase ngoba u Nyandeni walethwa kwa Mthembu ngu Mabaso emthathe kwa Dlamini.
Umlando wakwa Mthembu wonakala lapho

    comments user
    Aphiwe Mthembu

    Wow interesting and nice history

      comments user
      Jabulani Mthembu

      Jabulani Mthembu
      Mina ngizalwa kwaMthembu kwaHlazakazi, umuzi wakithi wake ngaphansi kwezintaba uHlazakazi, eduze newa uNdingiza njengoba nezibongo zisho” ujel’ophume kuNdingiza abanikazi bendingiza basala bevungama”. Ngenhla kwasekhaya kunesiphethu esibizwa ngoNgoza esingashi ubusika nehlobo. Lesiphethu isona esiphakela umphakathi wakwaHlazakazi ngamanzi. Eduze nalesiphethu kunamanxiwa nawo abizwa ngokuthi kukwaNgoza. Engifisa ukukwazi ngabe lamanxiwa ayahlangana yini neNkosi yethu uNgoza. Mina ukhokho wami u Siyaka ozala umkhulu u Shiloni, uMabhadi alishumi. Kuthiwa imvelaphiyalomuzi waqhamuka eMsinga.

    comments user
    Balethe Mhlephethe Ngobazitha

    Bathi.walethwa ngubani.uNyandeni.kwaMthembu,ebe ekuphi amaDoda wakwa Mthembu ngokuzalwa kweGazi ?,

comments user
Nombuyiselo Madlongolwana

Mina ngingu Mthembu owavele nyandeni ,ngicela ukwazi ukuthi uMadlongolwana yena ubezalwa ngubabi ngoba yi fani yami

    comments user
    Balethe Mhlephethe Ngobazitha

    uzalwa nguNkosi uMganu ka Nodasa kaNgoza bathathu kuNina ooNyana baka Mganu iNkulu nguMabizela kulandele uMadlongolwana bese kugcine uMnkabula

comments user
Vusi Mthembu

Ngiyadideka manje ukuthi uMvelase uzalwa uNyandeni ekubeni wavela enyandeni yemikhonto yakwaMabaso okungaziwa kuthi wayemthathephi

    comments user
    Balethe Mhlephethe Ngobazitha

    uMvelase noNyandeni nguMuntu oyedwa loyo uzalwa ngu Tshezi ka Mangqiyima ,uTshezi wadlela uMabaso uMfazi yavela iNgane inane naye ,akukho Mabaso ozala uNyandeni(Mvelase) badlala ngani abaBhali boMlando

comments user
Mdu Mthembu

Kusho ukuth mina ngiwela kwindlu yiphi?

comments user
Balethe Mhlephethe Ngobazitha

uMvelase noNyandeni nguMuntu oyedwa loyo uzalwa ngu Tshezi ka Mangqiyima ,uTshezi wadlela uMabaso uMfazi yavela iNgane inane naye ,akukho Mabaso ozala uNyandeni(Mvelase) badlala ngani abaBhali boMlando

Leave a Reply to Mnisi MthembuCancel reply