Nzimande Clan Izithakazelo & History
Izithakazelo zakwaNzimande
Mphephetwa,
Mdluli,
Ngwekazi, Gwala,
Mancama ngesinkw’esikhulu,
Wena owasukel’isigodo simuka nomfula uth’inyama,
Manda kulandulwa,
Vilakazi,
Xam’odla ngomsingizane,
Mhlandla!
Mphephetwa,
Mdluli,
Ngwekazi, Gwala,
Mancama ngesinkw’esikhulu,
Wena owasukel’isigodo simuka nomfula uth’inyama,
Manda kulandulwa,
Vilakazi,
Xam’odla ngomsingizane,
Mhlandla!
Mfoka Zulu, ngithemba ukuthi uyaphila. Bengithi angibuze la. Mhlasimbe wena unalo ulwazi mayelana nokuhlobana kwalezi zibongo uma bukhona ubuhlobo nokuthi ungabe izithakazelo zakhona ziyefana na?
uNzimande,
Ndzimande
kanye noNdimande.
Ngokucabanga kwami mfo baNdzimande bangamaSwati.
ingabe abakwaMadondo bahlobene yini nabakwaNzimande?
Abo Nzimande abezulu or amaXhosa yun
Ama swati kdwa akhona nama zulu
Nzimande
Ndzimande into eyodwa le kwehluka ngba abanye bangama swati abanye ngamazulu undimande ay no no akahlobene nakancane nje no nzimande
Nzimande noNdzimande into eyodwa le,ibizwe ngezilimi ezihlukene.Nzimande angimaz
Nzimande noNdimande abahlobene nakancane Mina uma a wam owkaNdimande washadela kaNzimande
Ndimande abakwa Gcwensa
point of correction,uMphephethe not mphephethwa,oNzimande indabuko yabo isuka eSwazini lapho over 200 years ago kade bebizwa ngoNdzimande(iswati) obabamkhulu bashintsha bathy soNzimande masebefika lana eNingizimu Afrika.uMancama wancama ngesitho isikhulu.
And swati
11 comments