Nkosi Ndlangamandla

Abakwa Nkosi Ndlangamandla noma Dlangamandla.

Lababantu abaNtungwa futhi bahlobene nabakwa Khumalo kodwa abanabo ubuhlobo obuseduze no Nkosi Dlamini.

Abantu bakwa Nkosi Ndlangamandla bangama Ntungwa ngoba bazalwa yindoda yakwa Khumalo. Igama lalendoda kwabe kungu Siwela indodana ka Gasa. U Gasa wayenamadodana amathathu aziwayo okwakungu Magugu inkosana, Donda weZiziba, no Siwela. U Siwela wayengoka Gasa ka Zikode ozala uMashobana ka Mkhatshwa ka Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi ka Ndabezitha ka Mmusi. Lababantu bahlobene nabantu bakwa Nzuza lapho kugcine kuphuma khona isibongo sakwa Mahlangu okungama Ndebele ka Ndzndza azinze eNtilasifali.

Laba abanabo ubuhlobo no Nkosi Dlamini lapho kuphuma khona AmaSwazi nama Zizi.

53 comments

comments user
Thandeka

Ngicela ningisize ngomlando wakwa Khwela (ngishadele khona) no Mngadi ( ekhaya kithi)

comments user
Bongani

Giyacela Ukuba Uisbuze Ukuthi Uthini Umlando Wakini Sizokwazisawona tThina Sigo Nkosi Ndlagamandla Mphazima Kalanga Aisihlobananga No Dlamini Futhi Saphuma Kwa Khumalo

    comments user
    Bongani Nkosi

    Bafo ngicela ukwazi kusho ukuthi ngingaba nobudlelwane nentombi ezwalwa kaNkosi Dlamini noma isebenzisa isibongo sakwaNkosi noma uDlamini

      comments user
      Senzo

      Nami yilokho engfisa ukukwazi zalo uma kuthiwa asinabo ubuhlobo noNkosi Dlamini kusho khon ukuthi siyathatha khona nabo bayathatha kithi vele asihlobani bona bangoDlamini thina singabakwaKhumalo

      Kuyacaca

      comments user
      Tony Nkosi

      Syabonga Nkosi I ngathi singaphumelela sonke isizwe sasemandlovini

    comments user
    Khanyisani

    Dlamin noNkosi kuyahambisan njalo nje ngeke ngize ngqomise kwa dlamin ngngowakwa Nkosi?

      comments user
      makhosonke

      ngicela ningisize ngomlando wakes Magugu

      comments user
      e v ndlamangandla

      Ngibingelele isizwe senkosi ukuzalana kwabo kwabakanjena. Ngofishane nje umntungwa wazala ukhumala. Khumalo wazala umzilikazi. Umzilikazi wala umashobana nondlangamandla .Undlangamandla wazala.uvezi Indiana. Uvezi wazala umakhwela. Umakhela wazala indlala .undlela wazala umlotshwa. Umlotshwa Waze kakhulu ngoba naseswatini wazala Usiwela inkosana yakhe. Usiwela wazala ufelaphakathi kanye nophefeni novukayibambe nabanye Ngeke ngabaqeda Bona bazala omkhulu abazala obaba. Ngazi lapho Nami.

comments user
Mlungisi Gasela

UGasa uhlobana kanjani noSiwela ngoba phela yena engowakwaNdwandwe, Mina ngazi usiwela ehlobene noKhumalo uGasa yena ezalana nabo Zwide kaLanga naboSoshangane. UMashobana yena ngowakwaKhumalo hayi kwaZikode looqanjwe ngaphezulu, angazi njalo ningiqondise uma ngiphosisa. Ungathi yingxabangxoza le ebhalwe la.

    comments user
    mafukufuku

    @Mlungisi oGasa babili, ukhona owakwaNdwanwe ozalwa nguLanga kaXaba yena ezala uMhlaba ozala uSojiyisa (Ref: The South Eastern Bantu P82). Bese kubekhona owakwaKhumalo ozalwa nguZikode yena ezala uMagugu, Donda noSiwela.

comments user
Smangele Dlamini

Mina ngcela ukbuza ukth abakwaDlamini abanesthakazelo esinguMntungwa bayini ngokoLimi? N bahlobene yini noNkosi?

    comments user
    Nomfundo Dlamini

    Bangama swazi and yebo bahlobene nabakwa nkosi

comments user
ntombi

oNdlangamandla baphuma kuphi nendawo

    comments user
    thulani nkosi

    ONdlangamandla babuya eNgoje Lapho sekuthiwa khona kuseLouwsberg UDawid Louw waphiwa lendawo ngoba wayebuya ebusotsheni wase enikwa indawana nje ezweni lakithi ngoba sasesichithiwe Lona leliya elakithi Kondwa inkulu indawo yamaNdlangamandla Umlondo wonke useNgoje enkosini yamaNdlovu INkanyamba

      comments user
      thandanani

      Ingoje ylona izwe lakith kwa Nkosi noma kukhona abazama kulibanga

    comments user
    Thabo

    Ondlangamandla baningi endaweni yase Phongola lapho ngibuyakhona. Ondlangamandla, Nkosi, Mntungwa, phazima kalanga, swela sasemandlovini, omabele made wancelisa ingane ingaphesheya komfula. Umbhulaze umnyama. Thabo James Ndlangamandla Mahlangu. 079 940 2923

      comments user
      Thulani Nkosi

      Wena weNdlovu enamandla Ngiyathemba senizwile ngomkhosi wamaNdlovu wonke ozoba ngomhlaka 19 September eNgoje Uyoze uphele ngomhla ka 20 September ngakusasa Bikela bonke obaziyo Mphazima ukuze siphelele sonke isizwe sakithi

      comments user
      Musawenkosi Mntungwa

      Thabo, “omabele made wancelisa ingane ngaphesheya komfula” bayangena koNkosi Ndlangamandla?

comments user
jonas

Ndlangamandla king of kings mbuzeni ndlangamandla frm pretoria 0727535611

comments user
Pearl Mbokazi

Hey guys, i typed in my surname (Mbokazi) and there were no results, so i would like to add this info:
Mbokazi, Donda, Sontuli, Hlumakazi ka Mdaka, Wena wasolwandle, Lwandle olungawelwayo! Oluwelwa izinkonjane kanye nabelungu, bona abaphapha phezulu, wena kaMhlakazanhlansi, phahlaphahla kubeSuthu, Sobiko kaSongabi, wena wesibongo eskhulu, kasishiwo emzini, wena kaMhlakaza nhlansi zibashise, wena kakhukh’olukhulu, olwahlanganisa indlu yakwaHlekazi, intombi ezekekayo kaHlumakazi kaMdaka, wena kaNqamlathusi, wena kaSnqamu’sobhedu, wena kaMlamlankunzi ziyeke zibulalane, wena kasichumo esbamba bantu sibayeke, wena kaNkos yomfazi. wena kaMtete, Mnguni kaCilo, mbokazi

Those are the names I was told maybe you guys have more knowledge of others.

    comments user
    Sol OEHM Nxumalo

    wazw wayenza into endle Hlumakazi. Siyabonga umnikelo ongaka. Kuyabonakalo ukuthi kukhona izithakazelo nezihasho.
    Sol OEHM Nxumalo

comments user
Siyethemba

Mina ngifuna ukwazi ukuth uma uya epitoli ezithombeni zamakhosi esikakhokho uNondabula waseNhlonga kwaNdlangamandla ozalwa nguManyaza sona siphezulu kungani kunjalo ngyazibuzela nj ay kabi

comments user
Siyabonga Mtolo

Mina ngyadideka ke manje kwa Mtolo, kuvela ukuthi uDlangamandla wayengu mholi wamaTolo safikela ezweni lezintaba zokhahlamba sihamba nabase Mazizin safikela ku bathwa uGasa ehlala ehlathini lase Qhudeni enomuthi wokunisa imvula nokduminsa izulu, angikho ke lapho kakhulu kodwa ngyadideka manje uma senikhuluma ngo Gasa kanye no Ndlangamandla ngcela ongangchazela

    comments user
    thulani nkosi

    Cha ungakhathazeki lapho Amatolo ngaMaNdlangamandala Umlando wabo useNgoje lapho kudabuka khona sonke isizwe sikaNdlangamandla Kungaba kuhle kakhulu uma ungazitholela wona enkosini yakithi INkanyamba yamaNdlovu 0729466819

      comments user
      makhosonke

      sanbona
      bengicela izithakazelo zakwa MAGUGU nomlando wakhona

      thanks in advance

    comments user
    Xolile Nkosi

    oMtolo abathi Dlangamandla thina boNkosi sithi Ndlangamandla. Asihlobene noMtolo. uGasa igama lomunye wokhokho bethu owayezalwa uZikode wakwaKhumalo. Asihlobene noGasa isibongo. Fundisisa kahle ukuthi uthini lo mlando obhalwe phezulu.

      comments user
      Bongekile Mtolo

      Ngyabonga mina nam ngazi ukuthi uNdlangamandla akahlobene noMtolo Dlangamandla, kodwake omtolo abazinze eSwazini bathi Ndlangamandka angazi kanjani

      comments user
      Busi Nkosi

      ngiyabonga wena wase Mandlovini

comments user
jabuh

Guys ngicela ukubuza mina ngingowakaKhumalo bt ngithanda kwaNkosi Ndlangamandla.ngabe iyisima kanjani me indaba yam?

comments user
Mzamiseni Mtshali

Mina ngizalwa kwa Nkosi Dlangamandla ngake ngathandana nentombi yakwa Nkosi Dlamini kodwa ekhaya bathi sihlobene sabe sesiluhoxisa uthando lwethu kwaba ngu Mzala wami

    comments user
    Lisa

    Cha thina bakwa Nkosi Ndlangamandla asihlobene nabakwa Nkosi Dlamini kodwa ke akusenani nino Mzala seniyoxolisa izinhliziyo…

comments user
Lisa

I am dating a guy yakwa Khumalo and mina ngiwakwa Nkosi Ndlangamandla. now that I have read lezithakazelo I feel so disgusted. Can I love my brother kodwa

    comments user
    lulamani

    Mina ugogo ozala ubaba wami wayengowakwa Khumalo.. Egane umkhulu wakwaNdlangamandla…

    comments user
    Musawenkosi Mntungwa

    Yekani sesi

comments user
Mfundo

Bafwethu uMfundo lo ngingenela ngoba ngididekile nje kodwa sengibonile okuningi ukuthi ngithole kulonyaka ukuthi empeleni ngizalwa ubani so kuningi engisafuna ukukwazi so ongakhona ukungisiza nawa manambami 0797958686 anginayo imibuzo kubaba ongizalayo so ngicela angisize laphoke isibongo uNkosi bathi bangama ngwane so ngacela ungiphe imibuzo uleyonama kwi whatsapp or call ngibuze ubaba mina ngyobuya kuwe nempendulo plz neh NGYABONA ozithobayo Mfundo

comments user
thandanani

Ngicela ningisiza lapha ngezibongo zenkosi yakith e Ngoje kamagojela ngyazama kuzifuna angzithol okungenza ngzifune ekubekwen kwama khosana kwethu nam ngingomunye oyinkosan yakwabo

comments user
believe mtungwa

abakwaMABHENA bona ngobani ngichasisele

comments user
jabulile

Ake ningisize mina ngingowakkwa Langa ngifi una ukwazi kuthi lababantu abakhe eMsinga Emachunwini bawolanga Bathi ba wolanga Noshaya bahlobana kanjani nomchunu.

comments user
SIBONGILE

Aayi ke!!!!!! this history yabantu bakwa NKOSI its really confusing nje ,mina my grandmother owakwa DLAMINI wandela ka NKOSI. They say we are not related nabantu nakwa Dlamimi.

SBONGILE NKOSI

comments user
Vusi Nkosi

Ngibingelebonke oNkosi nginguvusi Nkosi ngisempangeni ngiceka ningifunise u petross Mzwe Nkosi engonje plz bakwethu 0723277164 ngijabula mangumtholi

comments user
Mvikeleni(Bongumusa)

Sanibonani maNtungwa bengicela ukubuza ukuthi njengoba ngingowakwa Ndlangamandla(Mntungwa) ngingathathayin kwaKhumalo sonke singoMntungwa?

    comments user
    Sibongile

    Hi brother,

    Bathi abandala no ways??

      comments user
      Mandlakayise

      Ndlangamandla, Ngizalwa esthenjini, umama ungu-Khumalo. Sibahlanu kumama, siphilile akukho okhubazekile okwenzeka uma iy’bongo zithathene. Abafowethu kobabomkhulu nobabomncane nabo bakhona omama bakwaKhumalo.

comments user
Bongani

Ngingu nkosi dlangamandla ngithandana ne ntokazi yakwa nkosi dlamini are we related please this is serious guys
Please advise

    comments user
    MaNdlovu

    Mfwethu sengifunde la phezulu, bathi cha akuhlotshenwe.

    comments user
    Themba

    Ukunankinga wena ungu Nkosi ozalwangu Khumalo awuhlobani no Dlamini futhi akukho ukuhlanganisayo Mphazima mthathe

comments user
muke

ngiyadideka mina ngingowakwaMtolo kodwa ngizalwa u Makhumalo

comments user
Sifiso Mshikashika Ndlangamandla

Cha mtakababa ungalokothi ukucabange nakancane ukuthatha kwa khumalo uma nawe ungowakwa Nkosi noma Ndlangamandla.zingane zakithi lezo.angizibongele no Nkosi oMphazimakalanga.

comments user
Mandla Nkosi

sanibonani nonke bakwa nkosi dlangamandla.
ngicela usizo lwenu,i gama ngingu Mandla wakwa Nkosi kubo ka mama ,Masemola kobo baba.
ngi khuliswa ngu mzala ka mama .i zinto a zihambi kahle,ngi hambile ngayo khanyi ngifuna ukwazi ukuthi yini inkinga.e ngikutholayo wukuthi abakwa Nkosi abajabulanga ngalesisi bongo engisisebenzi sayo.enginawo umlando wakwa nkosi,ngi cela u sizo ukuthi kumelengiyenzeni.ngifuna ukwazi izithakazelo ,ukuphahla,isiko mawuthole ingane,ukuphahlela ibhizinisi,ukubonga no uma ushada.

comments user
Senzo

Okush ukuthi ngamafuphi nina basemaNdlovini abukho ubuhlobo phakathi kwethu boNkosi Ndlangamandla kanye noNkosi Dlamini,singathatha khona kodwa singathathi kwakhumalo

Inkinga ke labo asebethathile\bathathiwe kwaKhumalo ithiwani ke indaba yabo.

Ndlangamandla!!!

comments user
Lindy

Mine nginemtfwana kaNdubazi.umkhulu wemntfwana seka shona kodvwa ugogo usaphila . inkinga umangabe ngihamba batsi bakaNdubazi abakhuleli emtini. Kufute ngimuyise ekhayi kibo.so ugogo wemntfwana utsi akusi wakakhe lomtfwana angisati. Is the any easy way out of this

comments user
Mcebiseni Nkosi

AbakwaNkosi baphuma bavalelisa kwaKhumalo indabuko kaNkosi iseSwatini.

comments user
Xolani

Ngisacela onolwazi ngomlando woNdlovu okuthiwa ngoNdlangamandla, angichazele kabanzi.

Leave a Reply