Izithakazelo
Umlando
Amanda-Myeni, Ayanda-Myeni, Bandile-Myeni, Bongani-Myeni, Carol-Myeni, Duma, Elliot-Myeni, Innocent-Myeni, John-Myeni, Khethiwe-Myeni, Khulekani-Myeni, Mandla-Myeni, Menzi-Myeni, Mhlengi-Myeni, Mkhaliphi-Myeni, Mpume-Myeni, Mthokozisi-Myeni, Musa-Myeni, Myeni, Mzukase, Ngwenya, Nomthandazo-Myeni, Nontobeko-Myeni, Nsinde, Peter-Myeni, Samke-Myeni, Sandile-Myeni, Sifiso-Myeni, Sinenhlanhla-Myeni, Sipho-Myeni, Siyabonga-Myeni, Snethemba-Myeni, Thulani-Myeni, Zakhele-Myeni, Zandile-Myeni, Zanele-Myeni, Ziningi-Myeni, Zodwa-Myeni
admin
49 Comments
Myeni
Abantu bakwa Myeni babebizwa ngokuthi abakwa Myeki besahlala eBabanango eduze komfula uMhlathuze.
U Mlambo wazala u Ngwenya no Nsinde. U Ngwenya wabe esakha isizwe sakwa Ngwenya kanti uNsinde wenza esakwa Nsinde.
UNgwenya uDuma, u Duma nguye abantu bakhe abagcina bengabakwa Myeni.
Bagcina befuduka baze bayofika eNgwavuma lapho abafika khona bahlala nabantu bakwa Mngomezulu ababebuswa yinkosi yabo uZondiwe.
Ake sibalamanise abakwa Myeni:
uMbambo wazala uMabaso (Hhayi wakwa Mntungwa)
uMabaso wazala uNgwenya no Nsiande,
uNgwenya wazala uDuma,
uDuma wazala u Mdolomba,
uNsinde wazala u Maguma,
uMaguma wazala uLundini,
uLundini wazala uVuma no Mlangazi,
uVuma wazala uSiphike owazala uMkakwa,
uMkakwa wazala uNkunzi,
uSiphike ka Duma wathuthela eSwazini, lapho afike akhothamela khona.
Izithakazelo zakwa Myeni:
Mdolomba,
Mzukase,
Mnguni,
Mzimela,
Mziyankatha.
49 comments