Izithakazelo zakwa Mncwango Clan Names
Izithakazelo zakwa Mncwango
Mjaji ka ngotshana,
Makhumbuza uthuli,
Nsiba ka muntsha,
Dubeni,
Wena owanyela emfuleni wenkosi wathi uyancwanga,
Mpangazitha oziphangayo,
Mzingeli kamfekaye,
Mncumbatha !
Phakathi wako Nkosi !!!
1 comment