Izithakazelo zakwa Lushozi, Lushozi Clan Names, Lushozi Clan Praises
Ndimande, Mzulwini,
Bhebhula!
ingabe abakwaLushozi bangaManganga Na? Ngoba mina ngingowakwaLushozi kodwa bathi Mnganga shenge Mdadane nyoni imatane Mdlanomvi Ndawombi
Umlando omfushane waka Mdadane ngendlela esiwazi ngayo thina basemangangeni uthi. AbakwaMdadane baqala ngokuthi kufike umfana owayegqoke i shirt lomuntu omdala. I shirt lalide kunaye okwakwenza balibize ngomdada wathunyelwa komkhulu basemangangeni(Enkosini) wabe eselusiswa inkomo zakhona ngoba engaziwa muntu endaweni. Uthe uma esekhulile inkosi yamanganga yamunika inkomo waganwa khona endaweni kwabe sekuqala u Mdadane owawusukela kumdada afika ewugqokile ngoba wayengazazi ukuthi ongowakabani wabe esenikwa nezithakazelo zasemangangeni ngoba akhulela khona
Lushozi, Mnganga, Mthiya ka Ndawombi, Mazibi, wena owadla imofu Uthi udla inyamatani,
Yebo Bango Mnganga ,Mthiya ka Ndawombi, Mazibi, abadla Imofu bethi badlala inyamatane, Gedeza
Mina ngu Shozi, Mnganga, Mthiya ka Ndawombi, Mazibi, wena owadla Imofu uthi udla inyamatane. Lona o wami u Shozi akahlobene no Hlongwa, Khawula, Khuluse. O Gcwensa , Bhebhula, Mzulwini, Ndimande abangeni kithi
Lushozi uyangena ezithakazelweni zakwa Dube but angiwboni uDube kwezaka Lushozi
Zithini izithakazelo zakwa ndimande
Ungabhisa yena ungena kanjan
u Gabhise akangeni ema Ngangeni (Lushozi) ungena ku Kuhlongwa/Khawula, shozi, Mtumaseni, wena owehla ngomzungulu kwafa wona.
Umthethowakhona kunokukhulu ukudideka la .koshozi .lushozi abakwahlongwa oshozi nabo lushozi oshozi nabo futhi umlando ongathi siyadukiswa ubani ngempela ozosinceda.abanye bathi ushozi no hlongwa kwaku ngamakhehla andawonye futhi kunomlandwana ngohlongwa cacisani kahle musani ukuthi nina noshozi anibazi abanye.kusho kona ukuthi umlando awucacile.
10 comments