Izisho ezintsha
Want a t-shirt with your clans?
click here to make your order on Whatsapp
Zikhona nezisho ezintsha ezisungulwe ngesikhathi sezinto zabelungu. Okusho
ukuthi izisho zesimanje ezaziwa yintsha.
Uma umuntu ezwa umZulu omusha
ethi: ‗Ngasala ngiphemile.‘ UmZulu omusha yena usuke esazi ukuthi lowo
osalile usale ezimisele. Kanti abangaphambilana kwalaba bantu abasha bona
babethi:
Ngisale ngiflashile.‘ Nakho lokho kunencazelo efana nengenhla. Esinye
isisho esisha sithi: ‗Uzosala phansi okwamabheshu kubhulukwa.‘ Okusho ukuthi
wena oqhuba ngenqubo endala uzosala phansi ngoba itshe seligaya ngomunye
umhlathi manje.
Omunye angathi: ‗Wabuza ibhasi libhaliwe.‘ Okungukuthi
wabuza ubona.
Kokunye uzwa umuntu omusha ebiza omunye ethi: ‗Swidi lami lomkhuhlane,‘
eqonde ukuthi uyisithandwa sakhe lowo akhuluma ngaye. Nazo izisho njengazo
izaga ziyinkulumo ecashile engeze yaqondwa kahle abantu abankashela ulimi
bengazange baluncela ebeleni.
Abantu abaluncela ebeleni bangakhuluma ukhona
bakweqisele ungezwa uma wena ulufundile kodwa ungaluncelanga ulimi. Uma
umZulu ethi: ‗Ubengathukuthele ubegane unwabu,‘ okusho ukuthi lowo muntu
ubethukuthele kakhulu.
Uma umZulu ethi: ‗Lowo ukhala esikaNandi.‘ Lesi sisho esisha esavela ngemuva
kokukhothama kweNdlovukazi uNandi unina weLembe.
Umlando uthi ngemuva
kokukhothama kukanina iNkosi uShaka yadabuka kakhulu yakhala kwaze
kwaphenduka unyaka kuziliwe kungalinywa, amankonyane ezincelela konina
kungasengwa. Abantu baqala bafa ngenxa yendlala, befa belandela amathimba
ezintombi andlalela iNdlovukazi. Kwakhalwa ungokhala KwaZulu.
Uma abantu
behlangana neZulu eliphezulu babeqhola amehlo abo ngogwayi ukuze amehlo
akhale kube sengathi bayakhala.
177
Kwaze kwasuka uGala kaNodade wakwaBiyela ezinkalweni zaseMbongolwane,
wasuka wazidela amathambo waqonda ngqo kulo iZulu eliphezulu. Umlando uthi
kwezwakala ngaye lo mfo waseSiweni Samanqe eseyibonga iNkosi.
Kwathi
ukuba ayibone iNkosi, wayisola kakhulu ngalesi sililo sikanina esiphoqela
kubantu. Wayebuza ukuthi njengoba abantu befa nje, uzobusa bani ngomuso.
INkosi yabonga, yamxoshisa ngezinkomo. Sanqamuka-ke isililo, kwaqala
yayekwa inzilo.
Uma-ke umZulu ethi: Ukhala esikaNandi kanti awuyena umZulu futhi awuwazi
umlando, angeke uqonde ukuthi kukhulunywa ngani. Yingakho-ke kuthiwa
izisho nezaga ziqukethe umlando.
Leave a Reply