Izisho
Want a t-shirt with your clans?
click here to make your order on Whatsapp
Ngenxa yokuthi ulimi luyakhula sekukhona nezisho zesimanje. Izisho ezindala
ziya zihlehla kuvela izisho ezintsha. Kunezisho zamanje ezaziwa intsha
engaziqondi nhlobo inqwaba yezisho ezindala.
Nazo zamukeliwe ngoba
ziyindlela yokuxhumana futhi ziyaphumelela ukubaxhumanisa abantu.
Abacwaningi baqaphela ukuthi isisho asiyona inkulumo egcwele kodwa
siyibinzana lamagama adinga ukuphaswa ngamanye amagama ukuze anike
umqondo opheleleyo.
Ngaphandle kokuba umuntu awazi umlando esisuselwa kuwo izisho angase
angazi ukuthi kukhulunywa ngani. Uma umZulu ethi: ‗Kuzofa gula linamasi.‘
Umuntu ongalazi negula angayazi kanjani incazelo yalesi sisho esidala kangaka?
Kungase kungasizi ukusisebenzisa lesi sisho uma kanti negula uqobo lingaziwa.
Uma kokunye umZulu avele athi: ‗Ngibambe elentulo.‘
Bexoxisana ngotho
oluthile lona oxoxiswayo esho njalo, lokho kusho ukuthi ukholwa yinkulumo
efike kuqala. Nokho ukuze ezwe lona okhulunyiswayo, kufanele ukuba uyayazi
‗insumo yonwabu nentulo.‘
Uma lona okukhulunywa naye engayazi le
nganekwane, ngeke aze azi ukuthi kukhulunywa ngani uma engayazi le
176
nganekwane yasendulo. Ziya zilahleka kanjalo-ke izisho ezindala, zidedela izisho
ezintsha.
Leave a Reply