Imvelaphi yabakwa Ntshangase😍 Ntshangase History

Ntshangase History & origin:

Abantu bakwaNtshangase kanye nabakwaBiyela bavela emzini wenkosi uNdaba indodana kaMageba kaZulu kaMalandela kaLuzumane kaMnguni kaGumede. BangaMantungwa Nguni, njengabo abantu bakwaZulu(isibongo).

UNdaba wayenemizi yakhe eminingi, kodwa ngemibili eyagqama kakhulu. Owokuqala kuseMqekwini. Lona kwakuyiwona muzi omkhulu. Yilapho kwavela khona inkosi uJama(uyise kaSenzangakhona owazala iLembe) nabafowabo oNkwelo noMhana ababebalulekile embusweni wakhe uJama kaNdaba.

Umuzi wesibili kwakuseGazini. Ukuze kuthiwe kuseGazini kulo muzi yingoba yiwona okwakuthi uma kunemincimbi yakomkhulu kuhlatshwe khona.

Ngakho kwakungumuzi obaluleke kakhulu esizweni sonke senkosi uNdaba. Lapha eMqekwini kwakukhona uShankweni umfowabo kaXhoko kanye noMgutshwa nabanye.

Kwavela esikhulu isigemegeme ngesikhathi abantwana baseMqekweni sebefuna ukuganwa ngabantwana baseGazini. Abakuthandanga abaseGazini lokhu ngoba bethi laba ngabafowabo.

Ngenxa yokuphikelela kwalaba baseMqekwini laba abaseGazini baze bashintsha kungentando yabo kwase kuthiwa bangabaseMgazini. Kwaqhutshekwa nokuganana kwezingane, kodwa abaseMgazini noma sebebizwa kanjalo abakubusisanga lokhu kuganana.

AbaseMgazini babiyela umuzi wakubo ngesinqalanqala sothango ukuze kungenzeki lokhu abangakufuni. Base bebhinqwa kuthiwa babiyela umuzi, base bethola isibongo sakwaBiyela.

Kwathi uShwankeni yena wathola esakwaNtshangase, ngoba kuthiwa bantshingiwe. Kunamaqhawe abalulekile kwaNtshangase afana noMdlaka owayeyinduna yenkosi uShaka kanye noMasiphula owayeyinduna yenkosi uMpande kaSenzangakhona. UMdlaka wabulawa nguDingane ngoba wayeyisihlobo saikaShaka. UMasiphula yena wazala uSithambe owazala uMqumusheli. Indlu kaMqumusheli kaSithambe kaMasiphula ingaphesheya koPhongolo endaweni yaseSimdlangentsha. Kanti ekaMdlaka yona iseMagudu..

………………………………….

Ukwelamana kwabantu baseMgazini(abakwaNtshanase)

UNdaba kaMageba kaZulu kaMalandela wazala uNtopho

UNtopho wazala uMamba noNcidi

UMamba wazala uMasiphula

UMasiphula wazala uSithambe

USithambe wazala uMqumusheli

UMqumusheli wazala uMlomokazulu owazala uLandokwakhe.

Kanti uNcidi yena wazala uMdlaka

………………………………

Izithakazelo zakwaNtshangase !

Ntshangase,

Mgazi, Menziwa,

Njezi ka Xhoko!

Ndabezitha!

Mvundlane wasoKhabeni,

Mbeng’osinda abosi.

6 comments

comments user
Senzo ntshangase

So happy to know my origin, our children will also know where they come from.

Mgazi.

    comments user
    anele ntshangase

    I’m so happy to know were I come from

    comments user
    Gugu Philile Ntshangase Khumalo

    Thanks about the info about my origin also where I am coming from. Now I know better than before about my surname 😜❤️🙏

comments user
Nonduh Mgazie

I’m so happy to know ngemvelaphi yami seside isikhathi ngikhathazekile ngemvelap yami kodw ngyabonga sengyichazela nabantwana bam.
Mgazi

comments user
Qinisow

Aii m so happy to know who i am, njengoba nam sengikhon sengumlando

comments user
Njezi Patrick Ndongeni

I am Njezi Patrick Ndongeni origins from Eastern Cape. How is Ndongenis related to Ntshangase. Is Ndongeni Zulu who was buried in the banks of Umzimkhulu river in what is known as Ndongeni area had any connections with Ndongenis in eastern cape at all,please help.

Leave a Reply