Shabalala, Dubazane, Gumbi, Hlophe, Mhlungu, Ngobese

Tshabalala:

  • Mshengu,
  • Donga luka Mavuso,
  • Ngxabalala,
  • Chagwe,
  • Mayaba,
  • Mabhedla,
  • Thapho,
  • Thingisi,
  • Shevi,
  • Bhuqa,
  • Sayiwana,
  • Bhokwe,
  • Samanisi,
  • Mehlwempi,
  • Sagqubha,
  • Magudulela,
  • Ndleko,
  • Mnoniwa,
  • Phikindaba,
  • Nkosikayikho.

NB: Lapha amanye amagama awazange abe yizibongo.

Dubazane:

  • Mntungwa,
  • Mvelase,
  • Mbulazi

Gumbi:

  • Somkhanda,
  • Ndandali,
  • Mdakane,
  • Jele,
  • Mehlenkomo,
  • Ntini,
  • Mlotshwa

Jele:

  • Nonyanda,
  • Luvuno

Hlophe:

  • Samela,
  • Thumbeza,
  • Khala,
  • Myeni,
  • Mabhengu,
  • Nteshane,
  • Mnguni

Mhlungu:

  • Ndaba,
  • Mwelase,
  • Molase,
  • Vezi,
  • Masingasilele,
  • Gina,
  • Magadlela,
  • Mthiyane

Ngobese:

  • Mqungebe,
  • Khaba,
  • Xongo,
  • Sihayo,
  • Mehlokazulu,
  • Mkhumbikazulu,
  • Nonjini,
  • Gudlumkhonto,
  • Mdonswa,
  • Mlambo,
  • Bantungwa Abamnyama

Kheswa:

  • Nozulu,
  • Dlungwane,
  • Mnguni,
  • Mchumane,
  • Mpafana,
  • Mpangazitha

25 comments

comments user
sizwe

ngiz’buhlungu angizitholi izithakazelo zakwaMkhomazi kuluhlu lwezithakazelo ngabe nguban’ongangisiza? Ngicela nokwazi omayilane ngobani?

comments user
Senzo Kheswa

Baphi oKheswa? angtholi ukuthi uDlungwane niwufaka kanjan?

    comments user
    Chrys Matubatuba

    Senzo, my surname is Matubatuba. In my isthakazelo there is Keswa, Mpofane, Thukela, Mchumane, Nozulu. I did not know the close relations with Dubazane, Hlophe, Ngobese, Shabalala, Mhlungu and Gumbi. That is, if putting them together means they are related.

comments user
djcpher

Oshabalala yithilabo

comments user
Robert Fafa Gumbi

Angizitholi ezikaGumbi ziphelele futhi angazi ukuthi uKhathide ungena kanjani ngani akaveli ngapha kini

comments user
Dee

Izithakazelo zakith Ka Dubazane zi wrong.
Singo Mwelase, oMbhansa ngesandla ebantwini.
Siwela ngezimpambosi zomfula abanye bewela ezibukweni.
Sihlahla esihle seKhumalo.

    comments user
    simiso Dubazane

    impela mwelase nami ngiyaphika lana

comments user
sipho

Hi I’m Sipho Ngobese I want to find out ubudlelwano phakathi kaShaka Zulu nabantu baka Ngobese babubungakanani?

comments user
Sabelo

Anizisho zonko ezakwa gumbi ngyanicela

comments user
chrysmatubatuba

I am Nozulu, Mpofane, Kheswa, Thukela, Mpakazitha. All these form part of isithakazelo sethu. There a lot of us in the Eastern Cape under different surnames and we gather once a year as oNozulu. But there is a confusion about our roots – some say we originate in KZN and we are AmaZulu; some say we are AmaHlubi and others say we are AmaXhosa. My surname is Matubatuba, and on the basis of that some say we are from Mtubatuba, the surname has been misspelt, but my internet search shows that oMtubatuba are Mkhwanazi.

Is there anyone who can assist?

    comments user
    Lateta

    amaKheswa originate from amaNtungwa Nguni which means they form part of amaZulu. they are not amaHlubi because amaHlubi originate from amaMbo while the Zulus are amaNguni am not sure if you know the difference.

comments user
Phakamile Hlophe

Lush kuth akekho owaz umlando waka Hlophe.ewu baqinsile mabethi siyizicwicwicwi.ngkhathazekile ngiwu Thumbeza kaMyeni u Samela

comments user
slindelo

Ncedani ngidinga ezakwaSithomo izithakazelo

comments user
lungani Gumbi

Ngicela ukwazi umlando wabantu bakwa gumbi

    comments user
    Nqobile Ntokozo Gumbi

    AbakwaGumbi :
    Abantu bakwaGumbi kusengabantu bakwaJele , lokho kuchaza ukuthi bangabaMbo Nguni ngokwezigaba zabeNguni .Ngesikhathi elakwaZulu liphethwe inkosi u-Senzangakhona kaJama umuntu owayebusa abantu bakwaJele nguZwangendaba kaZiguda , owayebuye abe ngumholi noma ngithi induna yebutho lenkosi uZwide elalaziwa ngokuthi ibutho lamaPhela . Phela abantu bakwaJele babengaphansi kombuso wenkosi uZwide ngaleso sikhathi .Babakhe laphaya phezu komfula iHluhluwe endaweni yaseMfekayi kuze kuyoshaya eChwebeni .Ngesikhathi elakwaZulu seliphethwe inkosi u-Shaka uZwide wahlaselwa iLembe ngoba ebulele uDingiswayo uShaka ayemthatha njengoyise ngoba phela kunguyena owamkhulisa . Kuleyompi uZwangendaba nomnawakhe wasekhohlo uSomkhanda kaZiguda babesekhaleni lempi .Impi kaShaka noZwide yalwelwa eMhlathuze yaze yaphelela kwaGqokli ngonyaka we1818.Wanqotshwa uZwide kuleyompi,ekwehlulweni kwakhe uZwide izinduna zakhe zabaleka zasabalala zagcwala izwe lonke nabalandeli bazo ,zibalekela uShaka. UZwangendaba wabaleka noSomkhanda nesizwe sakwaJele babheka eSwazini beqhuba imihlambi yezinkomo.
    Ekufikeni kwabo abakwaJele eSwazini bathola umfula iMbuluza eMnyama igcwele idla izindwani, igola nezintethe. AMaSwazi ayengaphesheya komfula iMbuluza eMnyama amemeza athi ukuze bawele abaKwaJele ababulale umuntu omkhulu ngokozalo, bamphose emfuleni khona uzobohla. USomkhanda wabona ukuthi kuzobanjwa yena abulawe ngoba uyinkosana yaseKhohlo, wabiza enye ingxenye yabantu baKwaJele wathi ababuyele emuva KwaZulu noSomkhanda, abanye basala eMhlosheni eSwazini njengoba sisekhona namanje isizwe saKwaJele khona eMhlosheni futhi sinenkosi yaso, uZwangendaba yena wawela umfula nabalandeli bakhe babheka enyakatho. Laba ababuyela KwaZulu sebeholwa nguSomkhanda bafike bazinza eMsuzwaneni (eGolela) emngceleni weSwazini nelaKwaZulu. Lapha bavumelana ngokuthi bangabe besazibiza ngokuthi ngabakwaJele ngoba uShaka wayezobabulala kodwa abazibize ngokuthi bangabakwaGumbi. AbakwaJele bayaphikisana ngokuvela kwaleli gama, uGumbi. Abanye abadala bakwaJele bathi ngenkathi sebebuya noSomkhanda eSwazini babehambe becasha emagumbini, base beba ngabakwaGumbi. Kanti abanye bakwaJele abadala bathi uGumbi kwakuyigama lenkosazana yakwaJele eyabe iyishinga, ishaya kwasani, eyabuyela KwaZulu noSomkhanda. Sebefikile eMsuzwaneni (eGolela) abalandeli bakaSomkhanda (sebezibiza ngabakwaGumbi hhayi abaKwaJele ) babulawa yisifo sikamalaleveva ngoba kwakuhlasele omiyane kuleya ndawo. USomkhanda wakhothamela lapho eGolela, isizwe sabe sesiholwa uNtini inkosana kaSomkhanda. UNtini lona wathatha inkosazana yakwabo uNomqiki wayiqhuba wathi ayiyogana uSambane inkosi yabakwaNyawo, USambane wabona ukuthi isizwe sakwaGumbi sibulawa ngumalaleveva eGolela, wathi abanyuke izintaba bazokwakha ezweni lakwaNyawo. AbakwaGumbi bafike bakha eSibhulubeni eMthonjeni kwelakwaNyawo
    Sebakhile kwaNyawo abakwaGumbi, inkosi uSambane wanxusa uNtini ukuba amsize ngamabutho ngoba uhlela ukuhlasela uLubelo inkosi yaKwaMngomezulu abakhelene nayo. Nangempela uNtini wawavivisa amabutho aKwaGumbi ahlasela uLubelo kanti uSambane uwagodlile awaKwaNyawo, akawakhiphile. Inkosi uLubelo wayenentelezi yempi, abaKwaGumbi bavele baduka enkungwini ngenkathi bethi bayamhlasela, amabutho aKwaMngomezulu aqola avungula kwawaKwaGumbi. UNtini wabuyela KwaNyawo wayoxabana noSambane ebuza ukuthi akawathumelanga ngani awakhe amabutho. Kuthiwa wathi “Hawu’ mlam’wami ungaze ungiholele emphandwini wengonyama nabantu bakababa? Uthi akuyohlaselwa uLubelo wena ujika uyasala.” Sebexabene uNtini noSambane abaKwaGumbi baduba balifulathela elaKwaNyawo baqombola izintaba zoBombo, bangenisa eZimbidleni ( KwaMyeni). Basuka KwaMyeni amabombo bawabhekisa KwaMandlakazi ngase Bhanganomo esifundeni saKwaNongoma endaweni okuthiwa kuKwaSiwela. UNtini nesizwe saKwaGumbi bahlala isikhathi eside KwaMandlakazi wakha khona umuzi waseMvokweni nowasekuLayezeni. UNtini waze wakhothamela khona Kwamandlakazi, esekhotheme isizwe saholwa yinkosana yakhe uNkomazana (ingobamakhosi). UNkomazana akahlalanga isikhathi eside emhlabeni wakhothama naye, kwase kubamba um’nawakhe uNomagonondo kaNtini ebambele inkosana kaNkomazana uSivumo owayesemncane ngaleso sikhathi. UNomagonondo KaNtini waba ngumngani omkhulu kaZibhebhu kaMaphitha laphaya eBhanganomo. Empini yaseSandlwana yomhla zingama-22 kumasingana ngonyaka we-1879 uZibhebhu kaMaphitha, uDundu kMawewe Nxumalo induna yaseMsebe noNomagonpndo kaNtini waKwaGumbi yibona ababehola amabutho aKwaMandlakazi eSandlwana
    Ngenkathi iSilo sas’Ondini uCetshwayo kaMpande edingiselwe epulazini i-Orde Molen eKapa waze wayobonana neNdlovukazi eNgilandi uDinzulu ( engakabi iSilo) wabekwa KwaMandlakazi, oPhanyekweni, eNdlovukazi uKhundlase.Abantu bakwaMandlakazi bamejwayela laphoke uDinuzulu .Ngenkathi sekukhotheme iSilo uCetshwayo ngoNhlolanja ngonyaka we-1884, uZibhebhu kaMaaphitha waxabana neSilo uDinuzulu. UZibhebhu esefuna kube nguye ingonyama ehlangene namaNgisi sebefuna ukuketula u”Mamonga” uNomagonondo kaNtini wakwaGumbi wasuka kwaMandlakazi waya Osuthu wayotshela iSilo uDinuzulu onke amaqhinga uZibhebhu okuthatha umbuso wakwaZulu .Isilo uDinuzulu sathi uNomagonondo kaNtini akathathe bonke abantu bakwaGumbi basuke kwaMandlakazi ngoba uzohlasela uZibhebhu.ISilo sathi uNomagonondo akalethe oSuthu uSivumo kaNkomazana kaNtini, iNkosana kaNkomazana uNomagonondo ayeyibambele ubukhosi, ISilo sathi ayifihlwe oSuthu .ISilo uDinuzulu sabuyisela abantu bakwaGumbi endaweni yasekuBhazeni lapho babakhe khona ekubuyeni kwabo eSwazini, kusuka ezintabbeni zaseMagudu kuze kuyoshaya emgceleni waseSwazini.ISilo sathi abasikelane imingcele noMhlawuli waseMaNdlovini (kwaNdlangamandla) uMabhoko kaMasipula kaMamba waseMgazini (kwaNtshangase eMkhwakhweni) nabaKwaVuma (abaKwaMyeni) ngenkathi isibambana iMpi yaseTshaneni phakathi koSuthu noMandlakazi, uZibhebhu noMandlakazi belekelelwa ngamaNgisi eholwa nguColenbrander, ISilo uDinuzulu weza naMaBhunu eholwa nguGeneneral Lucas Meyer noGeneral Louis Botha. Izizwe ezakhe ngasemfuleni uMkhuze ongukabaKwaMngomezulu, abakwaGumbi nabakwaMyeni zalwa eTshaneni ngasohlangothini loSuthu, zilwela iSilo uDinuzulu, kukhona nebutho lakwaMpukunyoni liholwa yinduna uMatiwane kaNongalo wakwaMsweli.Yingakho nje ezibongweni zeSilo uDinuzulu kuthiwa “Gijimani ngazozonk’ izindlela, niyobikela abakwasidladla (abakwaMngomezulu) abakwaNtini (abakwaGumbi) nabakwaVuma (abakwaMyeni, Nith’ amanz’ oMkhuze bangawaphuzi ngob’ uDinuzulu uyenzile indaba. Ulile ngemikhonto KwaZulu ngoba udadewabo kunguSililo, wagwaza iMpi yema yanjengegama likadadewabo uSimiso,wagwa iMpi yabheda njengegama likadadewabo uSabhede, wagwaza umuntu wameya ngob’udadewabo kunguMeyisile”. Yozona zizwe-ke lezi ezenza uSuthu lwanqoba eTshaneni ukuze bugcineke ubukhosi baKwaZulu abakwaMngomezulu, abakwaNtini,(abakwaGumbi/Jele) nabakwaVuma ( kwaMyeni ) ,abakwaMsweli (abaseMaNxengeni). ISilo uDinuzulu sathi-ke ubukhosi bakwaGumbi abulondeke, bugcinwe ngoba uZwangendaba wabe eyinkosi ngaphambi kokuba uShaka alishakazise izwe. ISilo sababeka abakwaGumbi endlini yakwaMinyamanzi yomNtwana uMaduna (uNdabuko kaMpande) sathi bayothi uma befika eNdlunkulu ababoqala kwaMinya bathole”okusamahewana”.
    UKUZALANA KWAMAKHOSI AKWAGUMBI :
    uKhulamini/Nkabaluthuli (Jele) uzale uDlomo,
    -uDlomo (Jele) wazala uNonyanda (Jele),
    – uNonyanda wazala uZiguda (Jele),
    -uZiguda wazala uZwangendaba (Jele), uZiguda wazala futhi uSomkhanda (Gumbi) inkosana yaseKhohlo,
    -uSomkhanda wazala uNtini (Gumbi ),
    -uNtini wazala uNkomazana (Gumbi ),
    – uNkomazana wazala uSivumo (Gumbi) owaganwa uNomaZulu inkosazana yaseBhanganomo bavusa umuzi waseMvokweni ,
    -uSivumo wazala uMyekeni Matthew (Gumbi ),
    uMyekeni wazala uMbhekiseni Zeblon (Gumbi ) inkosi ebusayo njengamanje kwaGumbi.
    Izithakazelo zakwa-Gumbi
    Skhende,
    Jele,
    Ntini
    Ngubo yengwe.
    Somkhanda, wena owakhanda amadoda,
    Wena ka-Mathumb’ayiphanyeke,
    Ntongande, Mdakane,
    Mehl’enkomo, Ntini,
    Nozingelayo,
    Ndandali,
    Wena kaNgoni,
    Mlotshwa!
    Ndandayi
    Mehlwenkomo
    Malila ngomkhonto abanye belila ngezinyembezi
    Siguguda senyathi
    Wena kaKhokhozela njengeQhinakazi
    Msimbithi kawuwelwa

      comments user
      Van dam

      Unamanga bo!!!!!!!

comments user
Lindiwe Malindi

Ngicela ukwazi izithakazelo ezika Malindi

comments user
Domenique

D.T.DLAMINI AT GEMSBOKSRUIT,I DEMAND TO KNOW ABOUT MY CULTURE.I AM DLAMINI SIBALUKHULU SGWINYA MKHONTO LASO……..SO I DONT KNOW TO FORWARD, PLEASE HELP ME.

comments user
Thula Dubazane

Ay cha sonibopha! Its Dubazane, Mwelase, Mbansa ngesandla ebantwini, Cala!, wena ongawelanga ngezibuko wena owawela ngezimpambo zomfula!

    comments user
    Nonkululeko Dubazane

    musho!!!!
    Sawubona Thula igama lami nginguNonkululeko wakwa-Dubazane
    Hhave kumnandi ukuzwa umuntu ezisho ngeqolo ukuthi ungubani

comments user
Mgabhazi

Ngicela owakithi nami umlando nezithakazelo oKHWELA Nduli

comments user
sithembiso

Ngicela owazi izithakazelo sakwaNgidi eziphele azifake nazo ngiyobuye ngibheke kulo lekhasi. Ngiyabonga

comments user
Sihle Dubazana

Hi nginguSihle Dubazana ngicela ukwazi ukt uDubazana uzalwa isiphi isibongo?

comments user
nhlakanipho mhlungu

ngcela ukwazi ngo mhlungu othi ndaba, mdidwa. swela, mabulala zabantu ashiye ezakhe

comments user
Jacob

Sanibonani bakithi bengicela ukwazi isithakazelo Sakwa Mdakane esiphelele ngoba angisazi ngiyabonga

Leave a Reply